UZenande uzibona eyisehluleki ngoba engaphumeleli njengabanye odadewabo. Akaphumelelanga kahle kumatikuletsheni futhi usebenza umsebenzi ongatheni yingakho esephenduke inkomo edla yodwa emdenini. Kuthi uma ethola izindodla zemali aziboleke ebhange, athenge imoto. Hamba naye uZenande njengoba eshosholoza ngemoto yakhe entsha ebheke ekhaya, uzibonele ukuthi kwenzekani emzini wakwaMngadi uma wonke amalunga omndeni ehlanga ndawonye.