Hlobani zintombi
Niziqhenye ngobuntombi benu
Nibahle niyizimbali zesizwe
Niyigugu le-Africa

Ninyinzalabantu yesizwe
Qhubekani nokuziphatha okuhle okukahle
Ningalaleli onomona bazonitshela lokhu nalokhuya
Nizithibe kukho konke
Nibuyise inhlonipho ngoba nizihlonipha nihlonishwa

Nihlonipha nemizimba yenu nizihlonipha
Nisihlonipha nenhlonipho ayiphile emizimbeni yenu ngoba nizihlonipha
Ukungcola kuyawungcolisa umzimba
Ukungahloniphi kuyisitha esibi kuyo intombi
Ihlonipha nalapho ingekwandele khona

Nina niyothemba lekusasa lethu
Ngani siyokwakha imizi yobaba mkhulu
Ngani siyobusiseka kakhulu sizuze nokukhulu
Bese sinihlonipha ngokwenu okukhulu
Ngokusihlonipha nozukihlonipha
Nokuhlonipha imizimba
Ngani siyohlobisa noma ningedinge ukuhlotshiswa

Ngani siyohlobisa imizi yasemakhaya
Ngani siyoba nezingane ezinhle emakhaya
Ngani siyokwakha imizi ephilile nehloniphekile
Ngoba niyasihlonipha nathi siyonihlonipha
Niyozuza inzunzo enkulu sesinihlonipha
Niyizo izindoni zobisi nezamanzi

Niwukukhanya okukhanyisa nasebumnyameni
Niyizingilosi zakwaZulu ezisinxusela kumdali
Ngokuhlanzeka kwenu isizwe siyovuswa nemishado iyonetha
Buyisani inhlanzeko esikweni nempilo yethu
Size siziqhenye ngani njalonjalo

Sinifisela ukuziphatha okuhle okuyolandelwa izithelo ezinhle
Okokugcina owesifazane ohlakaniphile uyawakha umuzi ngezakhe izandla
Noyisiwula uyawakha abuye awudibhize ngezakhe izandla
Niyibo abakhethiweyo
Niyikho okuhlukileyo
Niyibo abasindisiweyo
Niphunyukile ogibeni lomcuphi
Nizihloniphile nathi siyonihlonipha