Wenyuka sigqebhe sami
Kaze zinqa zam’ uhlose ukubona bani
Wenyuka sigqebhe sami
Kaze nkomo kamam’ uhlos’ ukudoba bani?
Bekezela sigqebhe ngizofik’ ekhaya
Ngizofike ngikuphumuze kade wehla wenyuka

Sigqebhe sami kungani wakhwela ngesinqe
Khumbul’ ukuthi angisabi lutho ngobumina
Phela mina ngiyintombi yakwethu
Ngisaqhub’ usiko lomkhosi womhlanga
Ngisath’ uma nginyathela kuzwakal’ ukuthi kunyathel’ intombi nto
Eth’ uma inyathela kujabul’ umhlaba

Wenyuka sigqebhe sam’ ungabonis’ abantu ebukhweni
Phela kuyisithelo sikamama nekusasa lami
Noma bengangish’ ukuthi ngiyazitshel’ angibagqizi qakala labo
Mina ngizoqhubeka ngiziqhenye ngobuntombi bami

Hawu sigqebh’ uxoshwa yin’ ezansi?
Kwanel’ abakubon’ ethangeni yiba nomkhawulo
Mina ngisazimisele ngokuzihlonipha
Sigqebh’ awume kancane ngihambe ngokukhululeka