Ngithwele umhlaba ngezandla
Wemama ngizithwele
Umhlaba ungehlule
Ngiza kuwe njengothwele
Othwele isibeletho esangethula
Sangithulula kuwo lomhlaba
Mama ngizethwele!

Nginokwesaba ngivevezele uma ngicabanga
Ngicabanga ngalenzalo engenzalo
Angithi sebenqena ukubeletha
Sebelokhu beletha
Amacala enkantolo hawu!

KwaMashu kutholokale usana eplastikini kaMaspala
Hheyi Mama ngiyesaba ukwethula lomntwana!
Ngisabathe ngiyaqalaza
Sengisaba nokubuza
Abangani bonke bagcina bezithwele
Uphele u 9 months sibheke ngawo akake umbombo kodwa lutho
Asikubonanga abebekuthwele!

Uzothi uyezwa kuthiwa estamkokweni sekukhona amathumbu atholakele
Ubani olahle imbewu yokukhanya
Yini nihluleke ukucabangela ikusasa
Kodwa nizicabangela ngabodwana

Wemama ngizithwele izandla ekhanda
Ngiyesaba nokukudalula engikubone ngamehlo
Kwafakazwa yinhliziyo
Ngiyesaba ukukhuluma unembeza ushawa luvalo!

Nginokwesaba njalo uma ngibheka izingane zidlala zitshakadula
Njengamathole ebona unina ngizibuze
Lamathambo anqatshelwe ukubumbana
Ngabe bayokhuluma bathini mhla amafu ephambana nomhlaba
Sengisho nalapho esebuya lowo obuyayo ngoba yena uyabuya sekukudala simulindile!

Nzalo yentsha entsha futhi esiphila ngokungahlukile nenja
Nzalo yentsha kusekuningi eningakushintsha
Isengaphendulwa lemithandazo ephelezelwa yimibuzo
Ubani owanifundisa ukugxeka uMdali?

Wemama ngizethwele!