Zandla zami ngangithi uwena oyobusisa uMama
Kanti ngangizikhohlisa uma ngisho kanjalo
Kanti zandla zami uwena oyophumuzisa uMama
Isililo sikaMama sisakenteza ezindlebeni zami sengathi into eyenzeke izolo
Mhla ethi, ‘Ngibeke phansi mntanami asisekho isidingo sokungiphuthumisa emtholampilo ukufa sekufikile akekho noyedwa ongakwazi ukukuvimba.’
Ngifisa sengathi ngamubeka phansi uMama mhlawumbe wayengeke ahambe
Mhlawumbe uwena onecala zandla zami
Mhlawumbe nawe zandla zami unomthelela ekuhambeni kukaMama
Kodwa angikubeki icala zandla zami wawuthi uzama imizamo okwakumele uyizame
Icala ngilisusile kuwena ngoba uwena namuhla okwazi ukunyukela emehlweni ami ungisule izinyembezi
Futhi uwena namuhla okwazi ukuletha injabulo ebusweni bami
Ngifisa engabe ukhona Mama ubone umsebenzi wezandla zami
Kodwa ke lala uphumule Mama lapho ukhona
Wena zandla zami sebenza usebenzale injabulo yami