Bengiyisoni koda yena ungisindisile ekuguleni
Bengiwumoni koda yena ungiphululile ekoneni
Hhayi ngoba ngingcono kunabanye koda ikuthi ungithandile
Hhayi ngoba ngingesiye umoni koda ikuthi ungithandile

Ngiswele amazwi okubonga
Ngiswele imilomo yokukhombisa ukubonga
Ngibonile nganele
Ngizwile nganele

Kodwa yena anganeli ukubonga kuye
Kodwa yena angisoze nganele ukubonga kuye
Ngibabone bengikhomba
Ngibabonile behleka
Ngabezwa bekhuluma ngami
Bethi ngivukaphi njengoba nginje
Bethi ngiqhamuka kuphi njengoba nginje
Besho izilonda engingazazi

Kodwa ngegama lakhe ngiyabonga
Kodwa ngezinto angenzele zona ngiyabonga
Bangihlulelile bangangibuza
Bangiphile amagama bathi angiwezwa
Kanti bengibezwa kahle
Kanti bengifuna ukuthula kahle

Ngazibuza nokuthi beliyini iPhasika
Ngabuza nokuthi babethini kumdali
Ngabuza nokuthi umqhele wawuthwala ngoba enjani
Ngazibuza ukuthi walengiswelani emthini
Yonke lembuzo yabuya nezimpendulo zayo
Izimpendulo ezaqhamuka namazwi ayisikhombisa
Wayewasho ngezikhathi ezihlukene
Wayewasho ngemizuzu ehlukene

Lapho elokuqala lasho lathi
Baba bathethelele ngoba abakwazi abakwenzayo
Hhayi ngoba wayeyisilima kodwa wayebona izinto ezizobehlakalela
Wayebakhuzela kubaba wakhe owayesecasukile
Elesibili labuya lasho lathi
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe namhlanje uzakuba nami eParadisi
Nalapho wayengasho ngobulima wayetshela isiboshwa esebonile ukona kwaso

Akuphelanga isikhathi esitheni
Akuphelanga imizuzu etheni
Kwavela leli elithi
Mama bheka nansi indodana yakho ndodana bheka nangu umama wakho
Ngahlala ngangazi nokuthi ngithini kodwa ngabheka phezulu
Kwabe sekuvela elinye izwi
Lapho lithi Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami ungishiyelani
Ngathula ngazicabanga okwenzekele mina ngambiza nami

Kwathi kusenjalo kwavela elinye
Lapho khona lithi ngomile bemphuzisa iwayini walithimisa
Ngoba wayengasho lokho koma
Kodwa yena wayomele amazwi enkosi
Ngazibuza ukuthi mina ngoma nini ngomele izwi likababa
Kwabe sekuvela elinye elathi kufeziwe
Yagobisa ikhanda yathula
Wena kaze uyakwazi ukumbonga
Wena kaze uyakwazi ukuzibuza lemibuzo