Wangibingelela wathi dudlu ntombi egeza ngenhla ngiphuza ngezansi.
Wathi uyangithanda wathi onalo ngami luyachichima njengezihlabathi zolwandle.
Wathi asoze lalinganiswe nalutho lungangotshani
Wathi angikuqome uma ngivuma wena kuyofana noma ngibambe ilotto
Wathi eyakho impilo ifana negolide hhayi isiliva ibronze yona ayilutho
Wangithembisa izulu nomhlaba nezinkanyezi nakho konke okungaphansi komhlaba.
Wathi ezakini ziswele abelusi uzongenza owakho umfazi
Wathi angivume ngishintshe isbongo sikababa ngibize esakho

Kepha namhlanje usungijikele njengotshwala esiswini
Usungitshela ukuthi intombi ishelwa ngamanga
Sthandwa sami amazwi akho akazange awele phansi
Ezulwini avunyiwe
Ngama CAPITAL LETTERS abhaliwe
Wangithembisa izulu nomhlaba nezinkanyezi nakho konke okungaphansi komhlaba