Ngidele ubucwebe beTheku namaphethelo
Ngadela bonke ubukhazikhazi obukhazimulayo
Ngabeka isenti phezu kwelinye
Inhliziyo isemuva lapho ngizalwa khona

Emzini odilikayo owakhiwe ngodaka
Kwalawondi owodwa obhodlokile
Umngenela ungena uyophuma ngomnyango
Ubuthongo lutho ukudla akadleki

Ekhaya babheke mina
Angiphenduki ngisho izinsizwa zishaya amakhwela
Hleze bangididise ohambeni lwami
Isikhathi kanginaso sadliwa inja yazihambela

Endaweni bang’thifela ngamathe uma bengibona
Kucace bha ukuthi ngiyakude nempilo
Inqobo nje uma uThixo esenami
Baze bangibophele amafindo

Ngiqhamuke sengivale amehlo
Kugqashuke kwazifungo lezo zobumnyama