Mhlazane ngicimeza okokugcina
Uze ungangizileli mama
Mhlazane ngilifulathela leli likaPhunga noMageba
Uze ungangizileli mama
Mhlazane seniyongibeka ekhaya lami langunaphakade
Uze usize ungangizileli mama
Mhlazane senivalelisa kumina okokugcina kulomhlaba ohlabayo
Uze ungangizileli mama

Uze usize mama mhlazane sengiyophumula ekhaya lami lokugcina ungazili
Uze ungakhali ngoba ngiyobe nginenjabulo mini yokuyophumula ekhaya lami elisha
Ukunoma nikhale nizile anovele ninjabule mama
Ngoba lapho engobe ngiya khona ikhaya lethu sonke inkinga nje ukuthi sihlukene ngezinyathuko zokufika khona
Ukushiyana akusho lutho ngoba ekugcineni sophelela khona sonke mama
Ingakho ke mama wami uze usize ungangizileli

Uze usize ungangizileli mama
Ngazi kahle kamhlophe ukuthi usizi nezinyembezi kuyobe kubhalwe ebusweni mama
Kodwa mama lokho ubokubeka eceleni ukhohlwe yikho uqhubeke nempilo encame yalomhlaba mama
Ungazili mama