Jesu uyayithath`mpabanga ezaleni uyihlalise namakhosi.
Ngikubonile uhamba nami Jesu.
Impilo yami ingelutho.
Wangivulela iminyango yemfund`phakeme.
Bengingubani mina ngingenalutho.
Ngiwuthuli nje!
Kepha wena ongabheki njengabantu,
Wenz`ndlela lapho ibingekho khona.
Wavulindlela kwahlongasibi.
Kuthe noma impilo yami iwumqansa,
Kungayeki phambili.
Wena wavul`ndlela kwahambeka.
Watshala ithemba lapho lingekho khona.
Icebo likaJesu lingevinjwe lutho.
Ngisho nezimo nezinkinga azinamandla
Phezu kwecebo likaJesu ngomuntu.
Jesu ngikubonile waphula yonke
Imigoqo nemigoqwane eyayivimbi mpumelelo yami.
Wafohla njengo kufohla kwamanzi,
Waphumelelisa icebo lakho ngempilo yami.
Ngiyabonga ukuyiphakamisa kwakho impilo yami.
Kwakungathi ngiyaphupha lapho sengiyikazela nomjiva wejazi.
Sebengithwesa imiyezane yeziqu zemfundo.
Kwaduma umkikizo nehlombe.