Ngifisa nokukulalela ukhuluma amazwi apholile
Ngithole nomuzwa wemicabango yakho njengothandiweyo
Ngiwuzwe bese ngiba ofakazayo njengozwelayo
Phela wena uwubufakazi beqiniso ngalesi sakhiwo sakho
Uwubufakazi bothando enginalo
Uwubufakazi bemizwa enginayo
Angisafakazanga ngihlambuluka
Sengiyahlambuluka

Sengihlambuluka nje ingoba phela ingilosi injengawe
Kudingeka inhlambuluko emhlophe uma uya kuyo
Ngidinga ukukhipha konke okungaphakathi kweyami yekhethelo ngoba unguye owekhethelo
Ngidinga ukukhipha konke okuhle okungaphakathi enhliziyweni yami
Uma ngikubona noma nginawe ngiyacabanga ngekusasa lethu sobabili
Ngoba alikho ungekho ngingekho nawe ungekho nzala bantu bengingabuye ngithini

Waze wangimangaza wangijabulisa ngaze ngathokoza empilweni yami
Ube umthokozisi wangijabulisa ngaze ngamangala lapho ungimangaza ngangazi ngazi
Waze wadala okuhle kimi okukhula ngaphakathi kimi kukhula njengami nami
Usiphula ngisho ukhula ngaphakathi uqhakaza empilweni yami
Lokho kubizwa ngembewu yothando emila njalo ngaphakathi kimi
Ngalo muzwa enginawo sengize ngijamele izithombe zakho
Ngibuke nezintaba lapho ngikucabanga
Ngijule ngize ngijulisise
Ngingena ngiphuma emicabangweni ngawe

Uthando luyaphila
Luwumuntu lunjengathi nathi siyibo abantu
Uthando luwumuntu ophila ngaphakathi kithi
Ongenalo uthando akanaye lo muntu
Ngisho noNkulunkulu uwuthando ngoba enobuntu