Uthando lufika ngejubane elisheshayo njengokuzama ukunqoba umjaho Kunezinto eziwubuphukuphuku esizenzayo
Ngegama elithi uthando
Esikwenzayo akuyona into ebesingayenza ejwayelekile
Uthando lungakubona
Uthando lungakukhohlisa
Uma sekuphelile
Uzozizwa ufuna ukugijima ukuze uphephe ungalimali
Kancane kancane kodwa impela uyeza
Kodwa ingabe luhlala ngempela

Kholwa othandweni
Ungakhohliswa uthando
Abaningi babulele egameni lothando
O ‘love lives here’
Kodwa ngabe luhlala njalo yini
Awucabangi yini ukuthi luzoshesha lunyamalale
Ngingubani mina ukwahlulela
Uthando luyeza
Kepha luzohlala isikhathi esingakanani
Ngaphambi kokuba ludlule
Uthando luyeza
Kepha ingabe luhlala ngempela yini