Luyinto enhle eletha injabulo kubantu ababili
Kepha muva nje selwaphenduka into eletha izinyembezi
Mihla namalanga sikhihla isililo sikaNandi ngenxa yalo igama elithi uthando
Ngikhumbula emandulo, uthando lusabekelwa iduku elimhlophe
Luyinto eyayihlanganisa imindeni emibili
Yeka kusadliwa ngoludala izinsiwa zishela emfuleni
Uma ngikhumbula ukuthi uthando lwake lwabaluhle
Ngifikelwa ukudumala uma ngibuka okwamanje
Muva nje sithi siyathandana kanti cha siyahalelana
Igama elithi uthando ukufeza izinjongo zethu ezimbi
Ngenjongo yokuthola lokhu esikufunayo ukuze sithole esikulangazelelayo ngaleso sikhathi
Mmm umuzwa wothando
Umuzwa wothando ukube uyakhishwa ngabe sibaningi esesawukhipha
Izingane zabantu zincamela ngisho ukushintsha ubulili
Ngenxa yabantu abawubulili obungafani nobabo abadlale ngezinhliziyo zabo
Bazishiya ziyimaniphiniphi
Izinhliziyo zigaya izibozi
Uthando lwaluyinto enhle kodwa manje luyasabeka