Wena ufohla njengomphangi eqola umuzi wendoda
Impela uyisifo esibatshazwayo!
Isisusa sakho kasaziwa
Bonke bamane bayaqagela nje ngemvelaphi yakho

Impela ukube uliqili futhi uyileli elazikhotha emhlane
Ungena egazini lomuntu isinyelele
Impi yakho uyilwa umshoshaphansi
Uzishintshashintsha okonwabu
Lona oluthi uma lusendaweni eluhlaza lube luhlaza nalo
Nanxa selukwebomvu lushintshe lube bomvu futhi

Nawe ufika uzenze umngani namasosha omzimba
Kanti umgumnganembumbulu
Kakade uma impi ihlasela ihlasela isinyelele
Ukuze nabaqaphi bangasoli

Impela wawuqonde ukusibhubhisa
Isizwe sikaPhunga noMageba kanye nezizwe zonke
Ngoba uthathelana kakhulu ngocansi
Okuyiyona mvelaphi okuvela khona izizukulwane ezizayo
Impela unguphunyuka bemphethe!

Kuleminyaka nje sebekukhohliwe ukubhubhisa kwakho
Sebephila bengakugqiziqakala bengakushayi indiva
Imishanguzo ikuthithibalise kwaba sengathi
Usuqoqe wonke amasakana akho washaya wachitha.
Kanti cha usagoloze egazini, uqubisile khona
Yeyi ngoba unenkani yeselesele ligoloza ukuphuma endlini
Unguphunyuka bemphethe!