Mina ngazi wena ng’phila wena
Mhlasimbe futhi ng’phefumula wena
Naba ongwaqa nonkamisa bengibaleka
Nansi neminwe yami ingijikela
Ubani osezongilobela
Nali nezwi lami liba isihosha liya ngokuphela
Nkondlo yami ungangishiyi

Wena wazi mina ngiphila
Wena anginampilo ngaphandle kwakho
Kodwa nkondlo yami ngingayini ngaphandle kwakho
Siqu sezinkondlo esphakathi kumina ilwa
Ilwa ulwele ubuwena
Nkondlo yami ungangishiyi
Lomzimba ngaphandle kwakho awunalutho
Impilo yami ilele ekulobeni nasekuhayeni izinkondlo
Ngisho injabulo yawo lomzimba ilele lapho
Ngakho ke nkondlo yami ngicela ungangishiyi

Vuka ume ngezinyawo uphilise abadinga impilo
Abathola impilo ezinkondlweni
Vuka uphilise wonke umuntu
Thatha nanka amagama ami okugcina
Lamagama kuwena angamandla
Nkondlo yami ngicela ungangishiyi

Lamagama engiwaphimisayo iwona akwenza ube inkondlo
Akunika impilo
Ngakho ke ngithi
Thatha nanka amandla ami okugcina uwenze impilo