Impilo yayinzima ngisakhula
Ngangidla imbuya ngothi ngihlupheka
Ngizalwa kwandlwana
Ngangidelelekile kontanga
Ngoba ngidla izintanga

Ngabambelela emfundweni
Baqinisile mabethi kubamba ezingelayo
Ngafunda ngagogoda ngayikazela imyezane
Impela ababulali benyathi balal’ ucwayimba
Bangithwesa umqhelekazi ngaphenduka iqhawekazi