Mhla ngifa ngathabatha uhambo olude nami engangilaziyo
Ngawufulathela ngempela umhlaba okokugcina
Nami ayikho into engingayenza
Umzimba wami ngazama ukuwuvusa
Kodwa kwanhlanga zimuka nomoya
Kuyacaca ukuthi loluya suku
Lwalulotshiwe emabhukwini amakhulu ezulwini

Ngidlulise ukubonga kulabo
Abangimbathisa ekufeni kwami
Lezo zingubo namacansi kwangisiza kakhulu
Phela uhambo lwalulude
Ngangiwela imifula nemifulakazi
Nginyuka amagquma nezintabakazi
Ngahamba amasonto nezinyanga kanye neminyaka imbala
Ngangixakeka nje ukuthi yinindaba ngingafiki lapho ngiyakhona

Ekugcineni yakhanya indlela yami
Ngoba ngase ngithetheleliwe
Ngithe ngisamile kwaqhamuka indoda egqoke okumhlophe
Yangakhuluma lutho yangikhomba indlela
Ngithe ngibona ngaqhamukela endaweni evulekile
Lapha kunabantu abagqoke izingubo ezimhlophe
Kunendlu enkulu ekhazimulayo emhlophe qwa
Ngithe ngithi ngiyangena ngilandela lendoda
Kwathiwa, ‘Hho’
Kwaqhamuka indoda egqoke ezimhlophe zodwa yathi
“Mntanami ngathini encwadini yezaga yokuqala?”

Kwavele kwaduma upotiyane kimi
Phela mina bengiziphuzela ngilala emathaveni
Bengiqoma kwasani sekwaphela ngisho unembeza
Bengingawazi ngisho umnyango wesonto ukuthi ungakuphi

Yaphinda lendoda yathi, “Ngathini kumahubo okuqala?”
Ngashalaza ngabheka phansi
Ngazama ukukhumbula ivesi kodwa akuqhamukanga ngisho elilodwa
Yabe isiphetha isithi, “Hamba uphindele emhlabeni uyolungisa amacala akho.”

Ngabuya kanjalo ukuzopoka emhlabeni
Ngiyehla ngiyenyuka emgwaqeni
Uma ngithi ngiphindela ekhaya
Bangithela ngosawoti bayabaleka
Uma ngithi ngingena esontweni
Umfundisi akangiboni futhi akangizwa ukuthi ngithini

Kubuhlungu ukuba yimi
Ngakhetha ukuhlala eduze komfula
Ngilinde ukuba usomandla angihawukele
Ngoba mina ngaba ihlongandlebe
Ngaphambana nemithetho yakhe
Ngakhetha isitha usathane