Izono emhlabeni ngizenzile
Umhlaba usungishayile
Nabangani ababengikhungile bangishiyile
Bekungeke kwenzeke konke lokho
Ukube mama ngangikulalelile
Ukube ngangazi!

Ngifisa sengathi ngingaphindisela isikhathi emuva
Lapho ngangiyiqanda lakho mama wawuhlale ungikhusela
Kepha mina ngadlebeleka ngagcwala amathafa
Kuhle kwenja ibaleka neqatha
Namuhla ngibuyile qathatha
Ngithi
Ukube ngangazi!

Ngiyavuma izono emhlabeni ngizenzile
Ezandleni zami kugcwele igazi
Igazi lezingane engazihushulayo
Ezandleni zami kugcwele igazi
Labantu engababulala
Kazi mdali uyongithethelela yini?
Njengoba sengadayisa nangethempeli lakho
Ukube ngangazi!

Bengizula ngizibe sengathi angizwa uma ngikhuzwa
Bengiphuza utshwala ngingasakhuzwa
Angisayiphathi eyethempeli lakho nkosi!
Besengipha inoma ubani
Inqobo nje uma ezothenga utshwala
Siphuze sidakwe nabangani
Sengaba ithwathwasi umzimba sewaphela nya!
Ukube ngangazi!