Sondela mtakwethu ungameli kude.
Owami umzimba uyashelela kuhle kolwelwe.
Awuhlabi njengezipikili ezindala zendlu ewile.
Sondela nganeno themba lami sizoncinda.

Izinkuni sengiziklabhile.
Umlilo uvutha amalangani endlini.
Nesidikiselo naso ngisibekile edelifudini.
Kusele ukuba ngigoqoze izithako zami.
Bese siyancinda odengezini lwethu.

Noma singasha izindla,
Kodwa izinhliziyo zethu zeneme.
Ziyagxuma gxuma injabulo yothando.
Ncinda sthandwa ugcwalise lapho
Esakeni lesamolo sothando nenhlonipho.