Bengiyintombi yakwethu
Ngiyisibabuli nasesigodini sakwethu
Ngithi mangiphuma kukhal’uhasha
Kube wubu hhemu-hhemu ezinsizweni
Nami ngisho ngenhliziyo
Ngithi ngiyaziqhenya ngiyintombi ngo
Ngoba ngisathi mangihamba kukhale amakhwela

Ngikhophozele ngiwuhloniph’ okaMthaniya
Ngisahlezi ngentombi, ngisawuhamba nomhlanga
Ngisaligcina nesiko
Phela ngikhuliswe kahle ng’ sakwazi nokubas’ izolo
Kade kwasa ngihamb’ imicimbi
Ngihlanganyele noma kuqonyiswa
Ngikhwahle Nami makuhlangen’ iningi
.
Phela njenge Ntombi ngisine ngishindinde
Phambi kweviyo
Kwazise sengilihambile lelibanga ngaze ngathomba
Mina inkani lami sesazi yonk’ imifula nemithombo
Phela nakithi ziyadingek’ izinkomo
Kwazise phela nalapho kungakhali qhude kuyasa
Nayo yonk’ intomb’ iyawufis’ umgcagco
Futhi nendoda yindoda ngezinkomo zayo

Isazoqhubeka maduze nje yilindele