Bengihle’ ingathi ngiyakwazi
Namhlanje ngikubonile ubunjalo bakho
Ukwenzil’ukuthanda kwakho empilweni yami
Ungenzile isikorokoro semoto
Ungishayelile ngaphandle kwelayisensi
Ngashayeleka name.

Bebethi uma bengibonisa ngawe
ngibone umona ngishaye indiva
nawe uvumelan’nami kanti
Uyazi uthi lala lulazi ziyokwengula
Uyobathol’ abanjengawe
Ungakhohlwa isondo liyajikajika

Khumbula phel’mlisa kusekuhle
Lusavutha uthand’ ngingu honey
Wena ungu sweet kodwa namhlanje
ngiyagula awusabonwa
esasithi banomona yibona abasiza mina
manje. Uyisoka namuhla kodwa sasa
uyobe uyisiyoyoyo ngoba izophela imali