Ngalesisikhath’ izithelo ziyasha
Izihlahla ziphelelwa yimpilo
Inqobo zinyamezelela ukubona intwasahlobo ukuze zizohluma futhi

Izimpilo zabantu ziyabanda
Abantu bahlukumezekil’ ezingqondweni badidekile
Amaqiniso ngabo aphelela emaphusheni nasemicabangweni
Kodwa ekuzaziseni amanga nobukhwebezane

Uthando alusekho
Ozakwethu balelel’ emathuneni abanye bagcwel’ emakhazeni
Ngezimanga zokuthemba kanye nokuthandana
Umuntu akhohlwe ukuthandaza
Izinhliziyo seziphila ngokuhlukumezeka
Ngezimanga zokuthi ngiyamuthanda uyogcina ekubona lokho

Siphila ngamathemba okuthi ngoba uthando lwabizwa ngothando
Kumele luthande lungahlukumezi
Kodwa iqiniso lithi uthando luqala ngokuhlukumeza
Lwephule lubulale bese luyangcwaba yikhane uzobona ukuthi uthando luyathanda

Abanjani abazi uthando olumnandi
Vele emandulo sasizwa ukuthi kushelwa ngamanga
Amanga othando kumel’ abe mnandi akukitaze uzizwe umoyizela uyintokazi yakwenu
Ubhale ucishe uma insizwa isakwazisa ngemizwa yayo
Lapho uvele ubone ukuthi cha ngempela uthando lolu

Okunalokho namuhla uyazibika kuyefana nje nokuthel’ amanzi emhlane wedada
Angithi lolo thando yil’ oluyongigqiba yil’ oluyongidibanisa namadlozi asekhaya
Ngoba ngiyazi uthando lunamanga
Kodwa ke asiphileni zingane zakwethu
Savuma ukuthi sizophila
Siphilisane siphinde siphile nabo
Ubusika bufikile