Yebo umonakalo udalekile
Yebo inani labesifaze abahlukumezwayo linyuka mihla yonke
Yebo konke lokhu kwenziwa ithina bantu besilisa
Yebo futhi imbangela ayaziwa nhlangothi zombili
Ngizibona ngingendoda yalutho
Angisakwazi ukubaluleka kwami
Ngiphuciwe amalungelo ami obudoda
Ngizosabela ngaliphi izwi ukuze ukukhala kwami kuzwakale?
Ubudoda bami abusenaso sithunzi
Similo sami ungishiyephi?
Yebo umzimba owakho
Yebo bekungafanele ngikubeke isandla
Bengenziwa ukulimala kwenhliziyo
Ngikhubekile ngaphakathi kimi
Ngithunazekile ebudodeni bami
Yebo bekumele ngimushiye uma esengigila
Umbuzo wami usamile
Yena akangishiyanga ngani uma enganelisekile
Ngami kunokuthi angigile?

Umonakalo udalekile
Iwona mphumela wokuba yindoda eqotho lo?
Iyona inzuzo yothando le?
Ngashela ukuzehlisa
Ngashela ukuzilimaza
Kanti thina madoda sonaphi?
Uma ngikhuza kuthiwa umzimba kabani?
Ugqokiswa ubani lowo mzimba?
Ugezwa ngubani lowo mzimba?
Amagama akho abukhali
Ayalimaza ayingozi kimina nakuwe
Yebo umuntu wesifazane akashawa
Umbuzo uthi kulungile ngithukwe ngobudoda bami?

Ngizamile ukuzibamba
Ngizamile ukusigwema lesi sigameko ngimukhuzile
Kodwa ube yiphela endlebeni!
Bengimuzwa ezindlebeni zami noma engekho
Ethi uzongenzani?
Uzongishaya?
Angithi nijwayele vele ukusishaya?
Ngishaye!
Ngibulale!
Engihlokoloza ngomunwe esweni
Ngavikela iso lami ngaphuma ngayoshaywa umoya ngabhodla
Ngizitholile nezeluleko zabadala
Ngamkhomba afike ngayo
Wangithembisa ushintsho
Wangithembisa amaphupho
Ntukuthelo buka ungenzeni

Yebo abafazi bayakhala
Kodwa kuthi uma ngibheka ngibona ukuthi
There’s a woman behind the man I have become
Siyamemeza siyashweleza siyakhala silimele
Silekeleleni ngothando lweqiniso
Sishiyeni uma ninganelisekile
Kunokuthi nifake lobu bulwane enibufaka kithi
Yebo ngiphunyukile nawe futhi ungaphunyuka
Ngithi baleka mjita
Phuma uphele uma uzwa ukuthi awuthandwa
Zicabangele wena
Umthetho angeke uvuke usohlangothi lwethu
Sinemizwa nathi
Siyalimala nathi
Yebo muntu wesilisa ngikhuluma nawe