Inhliziyo yami iphukile
Ngoba isithandwa sami singishiyile
Abanenhlanhla bamthathile bashiya umphefumulo
Wami ubuthakathaka futhi udangele

Ithemba lami, isisekelo sempilo yami
Intokazi enhle ethokozisa inhliziyo yami
Ayisekho phambi kwamehlo ami
Unobuhle ebengimthanda ngolwempumputhe
Ebengithi uma nginaye uthando luvuthe

Lihambile ithemba lami angisayiboni indlela
Langizwisa ubuhlungu ngadinga udokotela
Wenhliziyo ngoba benginothando lwakhe kuphela
Manje kubi, kusinda kwehlela
Ngoba uthando enhliziyweni yami luyaphela

Mntwana womuntu ngihlezi ngikucabanga
Imini nobusuku, ukuphuma nokushona kwelanga
Kungani udlale ngothando lwami olungaka?
Ngikukholwa, noma ungitshela amanga
Themba lami ngihlezi ngikucabanga…