Juba lami
Cheese cake yami
Swidi lam’ lomkhuhlane
Munt’ omuhle wena ojabulisa eyami inhliziyo

Uphithanisa ingqondo yami
Noma ngithi ngiyababaza ngezindebe zomlomo wami
Kuvele kuphume elakho igama
Sthandwa sami indlela engikuthanda ngakhona
Noma kungathiwa ngidlisiwe sengokholwa futhi angisabi

Cha kahle kahle sthandwa ngiyacela
Ngicela usale usungidlisa ngivele ngithande wena wedwa
Driver wothando nciphisa i-speed thina abanye siyakhameka
Nangu uBaby noThando lwakhe bangibambe ngama washingi
Sthandwa sami uze ungisize uthande mina ngedwa