Sthandwa sam sem’nyaka
Sekungabe ngiyaz’khohlisa
Ngenhloso yokugodl’ iqiniso
Ngiqamb’ amanga
Uma ngingathi angizikhumbuli
Ngithandana nawe
Phela kwizolo lami usaphila noma
Kwik’sasa ungasabonwa
Ohlakaniphile uyayakha ngezandla zakhe
Kodwa wena uzidilizele ngezenzo zakho

Sthandwa sam sem’nyaka
Enhliziyweni uthando ul’qedele
Emizweni aw’savakashi
Emqondweni kub’hlungu uma uvakashile
Ngob’ uvakasha nob’hlungu engasala nabo
Wena kimi usuyis’khumbuzo sez’nyembez’ engaz’khalayo
Ngezenzo zakho owanzenzayo
Cha

Sthandwa sam sem’nyaka
Empeleni bengithi ngihlel’ iminyaka kanti seng’hlalel’ inyakanyaka
Enhliziyweni engqondweni namhlanje mangik’bona akuthi nyaka
Benginokukhalel’ ukuth’ awung’thand namhlanje
Akung’mangaz ukuthi nawe awuz’thandi
Ngiyini-ke mina
Nothand’ olukhula ngokubekezela

Sthandwa sam sem’nyaka
Kubuhlungu ukuthi…
Kubuhlung’ ukuthi amazwi ok’valelisa angiwashongo ek’feni kothando lwethu
Ngibone selugqitshiwe nasethuneni sekwamila nokhula
Ukuthi kade lwafa
Kungcon ukufa kwalo kunobuhlungu bemihla ngemihla
Imnjunju esenhliziyweni iyona into engizohamba nayo
Wena usale kahle nothando lwenkohliso.