Bathi indoda ayikhali kodwa kumina beziziqathakela
Ubuhamba ubuye ngobumnyama
Yonke into oyishoyo bengiyikholwa
Bengiphatheka kabi uma ukhala
Uyazi loluthando belujulile
Kodwa namuhla angisenadaba
Kimi uzikhiphile
Ngibhejile ngiyakushiya
Iqiniso ngizamile ukubekezela kodwa ungihlulile
Bengibona sengathi angikwazi ukukunika injabulo
Ngakhetha ukukushiya ngoba mhlawumbe bengikufakela ingcidezi
Sonke sinamaphutha kodwa awakho sengathi adlulele
Ukusuka eduze kwakho kuzongenza ngikhululeke
Sengiyakufulathela manje ngilibhekisa ekhaya uthando luphelile
Kodwa njengendoda ngiphethe udobo ngizokwazi ukubuye ngidobe
Nginanethuba lokuthola omunye futhi nginaneqhinga
Ngizomenza azizwe njenge ndlovukazi
Usale kahle ugade labafana bazokukudlala aybo usale kahle ngiyazi labafana uzobadlala

Ngiyathemba uzongikhumbula sengikuhlangabeza inetha imvula
Nakhu okumele ukwazi angeke uphinde uyithole enjengami indoda
Noma ukhala uyazi imina obefika kuqala akududuze
Ngiyakushiya namhlanje mhlawumbe izithombe zami zizokukhumbuza
Bese ngibekezele noma kusinda ngagcina ngokudedela
Bathi indoda ayikhali kodwa kumina beziziqhathakela
Njalo uma ngikushayela ucingo ungalubambi
Noma uluziba mangikubuza ungitshela ukuthi i-network iyabheda
Ngiyazi nabangani bakho benihlohlana
Imoto anginayo kodwa uma ungidinga bengifika ngokukhulu ukushesha
Bengikunika okusenhlizweni bengingakuthengi ngemali
Bengifuna sakhe umdeni kodwa iphupho lashabalala
Ngikhuluma iqiniso ngisakuthanda kodwa angeke ngikwazi ukulokhu ngibhekile ungidlala

Ngiyathemba uyajalula uma ubona ngikushiya kanjena
Ngiyathemba uyajabula uma ngisusa inombolo yakho ocingweni lwami
Nami ngabhayiza ngangabalalela abangani bengikhuza
Kodwa ngangigcwele uthando ngangingaboni ukuthi ngizifaka ehlathini
Kodwake ngifundile uthando ludonselana ezinhlungwini
Uke uthi uthanda umuntu kanti kuyena awukho enhliziyweni yakhe
Ezinye zikukhohlisa ngothando mawusemnandi njengama Chips
Kodwa uma uphela ushukela zikushiye phansi