Waze wabaluleka kithi
Wabaluleka ukhona
Wabaluleka ungekho
Ubalulekile kithi

Singaba yini ngaphandle kwakho
Impela singafa siphele nya ngaphandle kwakho
Sonke siyakudinga
Sonke sifuna wena njalo kuze sihlale siphila
Sikuthenga ngezimali ezishisiwe
Waze wabaluleka kithi

Singaba yini ngaphandle kwakho
Singafa nokufa
Ufana namanzi empilo kithi
Ungumgodi wempilo kithi
Ubalalulekile kithi kudla
Siyakuhlonipha kudla
Ngoba kuwe sithola ukuphila namandla

Sithola umsoco oyizakha mzimba kuwe
Uyasinakekela usenza sijabule sibe bahle
Siyabonga kudla
Silala kamnandi ngenxa yakho kudla
Konje uvelaphi kudla?
Waze wabaluleka

Siyabonga kudla
Nabakhi bokudla
Waze wamnandi kudla
Wakhiwa kanjani?
Wakhiwa ngani?