Sangcwaba kangaka kanti senzeni kangaka
Izidumbu zangena zilandelana emhlabathini
Saphenduka ukudla kwezintuthwane kanti kwenzakalani
Lwasigqiba usizi sazika
Sazika sashona phansi sangabonakala

Ekukhuleni kwethu sasithi siyongcwaba abazali bethu
Buka ngoba sithe sisebenza savula omasingcwabisane
Ngoba sithi sfuna abazali bethu bahambe kahle
Kodwa buka namuhla ibona abangcwaba thina

Empeleni ngathi siyabizana phansi
Ithuna seliphenduke ikhaya lethu elisha
Musa ukukhala kakhulu benazi lolusuku luzofika
Kuphela besingazi ukuthi ubani ozoqala
Musa ukukhalela mina zikhalele wena
Mina olwami uhambo luphelile
Ngiyobhekana nezinkinga zami
Owami umoya ukhululekile

Ungazixaki ngokufa ngoba awazi lutho ngakho
Zixake ngempilo ngoba okwenza emhlabeni yikhona
Okushoyo ukuthi uzoyaphi uma ufa
Sisemanzini boMpongo
Siyafa bayasibulala

Leligazi elichithekile alanele yini
Kanti lona oliphuzayo akadeli yini
Ingqondo ilokhu izibuza ukuthi ubani ozolandela
Sisemanzini siyabhukuda
Amanzi ayasihila

Nina esenidlulile emhlabeni ngicela nilwe
Nilwele izingane zenu ngoba nazo zizolandela
Abantu baphenduka inyama sibhekile
Safa kangaka kanti yini
Kanti thina siqalekisiwe yini