Wehlulekile koza kwenu
Abayizikhondlakhondla’ abayiziqhweletsha;
Abagadla zephukele,
Bagadle baphindelele,
Bayivivise banqobe.

Ngiyawesaba’ amawal’ onawo,
Ngokugadla ngomfutho nangesihluku
Yebo ungabonakal’ ungenampawu
Kodw’ uwis’amaqhawe nababulali
Ubayise kwelamathongo.

Uthatha ngozwan’ kuhle kombulali
Mihla namalanga sikhala ngawe
Mihla namalanga ushiya kukhala ibhungezi kweminye imizi,
Mihla namalanga ushiya intandane zikhala zikhihla esika Nandi isililo,
Uyacika ngoba awkhethi omncane noma omdala……
Udla fumuka, udla silaza
Kazi owakho unembeza ushonephi?

Ngiyalesab’ ijubane lakho,
Elishesha ngaphezu konyazi.
Yeb’ awubonakal’ izenzo ziyabonakala
Qhaw’ elikhonyela wonk’ amaqhawe!
Mnqob’ ongungqoshishilizi nangaphezu kwezidlamlilo

Uyisimanga ngokufika njengesela;
Uyangimangaza unyonyoba macathama,
Awuphonseli ngani kodw’ inselelo?

Ufunani?
Uthunywe ubani?
Kazi owakho umzimba awukhathali yini?
Impela sesahlala ovalweni ngoba asazi uzofika nini sikhohlakali,
Awudeli yizinyembezi zemihla ngemihla
Wena impela awunanembeza
Kukhala ng awe umhlaba wonke
Lafa elihle kakhulu!