Owami ubaba wabe eyiqhawe emehlweni ami
Owami ubaba wabe eyisicishamlilo
Igama engangimbiza ngalo uma ngimncokolisa lalithi Fireman Moses
Owami ubaba wangitshengisa ukuthi ubaba uyithanda kanjani indodakazi yakhe
Kwakuthi cosololo ngaphakathi uma esetshela abantu ukuthi ngiyiNkosazane yakhe

Owami ubaba wangifundisa ngimncane ukuthi umuntu wesifazane akahlukani nemfundo
Owami ubaba wangitshela ukuthi ngingabomehlulela umuntu ngenxa yokubukeka kwakhe Kodwa ngehlulele izenzo zakhe
Owami ubaba ngamvalelisa elibangise esibhedlela
Ngakusasa ekuseni bangifonela bathi phuthuma usegula kakhulu
Owami ubaba wawufulathela lomhlaba ohlabayo ngo November 22 2017
Lala kahle Mthembu, Mvelase owavel’ enyandeni kwaMabaso eqhudeni.