Uthando lwami ngalutshala enhliziyweni yakho
Efana nomhlabathi ovundileyo
Lwathela izitshalo zemfudumalo
Empilweni wanginika injabulo

Ngibonga impatho phela wena awunakho ukudumaza
Ngakuthatha kumuntu
Angiphiki ngamxhopha iso elixhoshwa libhekile
Ngamshiya edidekile wena sengikuwinile

Uqeda umoya uma umamatheka
Ubuke ngamehlo amahle ngithuke sengikhophozela
Angisaphathi okwesitho mamazi unyathela ngabantwana
Isho intombi iyindoni esulekile enganabala
Ngisho ngiqinisile umama wakho wazala

Ngishaya izinsizwa emakhanda ngawe sithandwa sami
Wena uma ngikubuka ngizwa kukitaza obhozo, kubande umhlane, kugijime imizwa.
Uthando onginika lona lungisanganisa okomuntu otinyelwe iziqandi
Uma nginawe ngihluleka ukuzinqada
Nawe ungangithetheleli ngezinqandu
Wena ungothandiweyo