Babenyuka beya emathafeni bekhuleka ubazwe
Babenyukela entabeni bacele imvula ubazwe
Simakade sesiyakhala nansi impi sibhekene nayo
Nansi impi ekungeyona eyezikhali kodwa ibukhali sibhekene nayo
Nansi impi ifuna ukusiqeda sonke ngesikhathi esisodwa

Wathi ezwini lakho asisodwa sesisizizwa sisodwa njengezwe
Sizwa silahliwe njengezwe kodwa izwi lithi asisodwa
Wena awusishiyi sisodwa
Ukhona njalo noma sihamba esigodini sethunzi lokufa sesizwa nezigi zokufa
Unathi awusishiyi noma besishiya leso isithembiso
Isithembiso esinikiwe sona noma kungesona isithembu sinesithembiso
Noma ziwa nezinkanyezi izithembiso zimile

Baba khumbula esakho isithembiso kithi unathi emhlabeni
Wawushilo ukuthi izwe angeke usalibhubhisa ngamanzi
Sesiyawuzwa umlilo usho ukusiqeda uvutha ubuhanguhangu uhlasela izwe
Uhlasela ngisho nombutho wamasosha wahlasela nomongameli
Sesinxusa kuwe Simakade usingamele kulesi sikhathi

Amathemba ashabalele Baba vusa ilanga lakho lethemba ezimpilweni
Khanyisa ikhandlela lasezulwini
Ususe ulaka lwakho phezu komhlaba
Ushilo ukuthi uma sizivuma izono uyozithethelela usithethelele nathi uqobo
Uthe angeke usishiye
Uthe asikho isikhali esibekelwe thina esiyophumelela
Nakhu Nkosi sesingasazi nokade sikwazi nakhu sidideka Nkosi

Babenyuka beya emathafeni bakhuleke ezintabeni ubazwe
Babenyukela entabeni bacele imvula ubazwe
Simakade siyakhala nansi impi sibhekene nayo
Nangu umbulali owenza singabulali nokubulala ubuthongo sibhekile
Sibonile kubone nencane ingane

Izwe lididekile
Abazalwane badidekile
Amakhosi adidekile
Izifundiswa nabafundi badidekile
Omongameli badidekile
Ososayensi babika lokhu babike lokhuya badidekile
Odokotela bathukile

Sididekile sixakekile
Sithukile saze sakuthuka Simakade sithukile
Sixolele Simakade
Sicela intethelelo Simakade
Singabaleka sicashephi ebusweni bakho Simakade

Siyakunxusa njengenxusa lethu ube umsizi wethu phezu kwalesi simo esibhekene naso
Nanka amathemba eshabalala
Nakhu abantwana bakho sesibafihla okwezilwane
Nakhu amasiko ethu eshabalala
Nakhu sesibala abantu emicimbini esiyenzayo
Nakhu sesiwasha izandla kakhulu sesiyibo abasabayo njalo
Nakhu sethuka mekunyuka isibalo
Nakhu sizobulawa indlala ngoba sesaba isibalo
Nakhu sesisaba abantu ngenxa yesitha esisha esisihlukanisayo
Nangu umbulali esibulala
Siyolala kanjani ngokuthula sesinganakho nokuthula
Siyakhala sikhalela kuwe noma ukholo lwethu selizophenduka inhlekisa
Uphi loNkulunkulu wenu sebesenza inhlekisa

Ushilo njengalokho uJesu wafa nathi simelwe ukufa
Sizofa ngoba wasithengela ukuphila ngokufa
Noma sifa sifela yena owasifela asisazifeli nje sifela owasifela
Silahlekile Nkosi sibuyisele endaweni yakho ekhethekile
Sithethelele eziphambukweni zeziphambeko zethu sonile thina zoni sonile

Siyakubona ukona kwethu baba sesiyazehlisa nawe ungalwehlisa
Ulaka lwakho phezu kwezingane
Ushilo wathi ulaka uyolwehlisa nakuzizukulwane
EGibhithe wathumela ngisho namaselesele uziveza ubukhulu bakho sesivumile
Impela uyinkosi nomsindisi sesivumile
Impilo yethu ilele kuwe hhayi kwisayensi sesivumile

Baba sixolele lapha umhlaba wethu sonke
Vikela i-Africa nkosi yezwe
Sithethelele asazi lutho Baba ushilo wathi abantu bakho bayobhubha sebeswele ulazwi
Baba buyisa ubuhlakani kithi ushilo ezwini ukuthi ukuqala kwakho kuwukusaba uNkulunkulu sesiyasaba
Ushilo wathi ungasabi nginawe
Nalo ubhubhane selishaya isigubhane
Luyasibhubhisa siphakamisa amehlo ethu kuwe
Lapha umhlaba Nkosi yethu
Washo uShaka akashayeki
Wathi ngeke balibuse
Alibuseki linababusi lelizwe elababusi
Ababusi bomumnyama ngeke balibusa
Uthena Baba usathane unguyise wamanga
Sesiyabona wonke amanga azovela obala
Konke kuzoba sobala ngoba akukho okufihliwe okungenakuvela
Singenza konke ngawe uma sinawe wena ukithi futhi ungakithi
Nkosi siyazi ngawe konke sekungashintsha

Uwena isiqalo nesiphetho ezimpilweni zethu usanathi
Ngawe sizonqoba zonke izimpi esibhekene nazo ngoba lempi akusiyo eyethu
Lempi ingeyakho sizoyinqoba silibuse
Impi yokugcina sesilibuse