Sawubona ntombazan’ enhle
Ngicel’ ungathuki mama ngize ngesihle
Ngize ngokuzocel’ okuhle kuwe
Yazi wen’ ungichaze ngingaphesheya komfula

Akujwayelekil’ ukubona intomb’ enhle kanjen’ iyodwa emthonjeni
Ntombi kangivamisil’ ukuba namanga
Kodwa ngivumele ngib’ umkhohlisi weyakh’ inhliziyo okwesikhashana
Ngivumele ngizibike kuwe ntombazane

Igama lami nginguMdumazi Wamabhungu Nyandeni len’ eMtubatuba
Ngithe akengijubalale ngize lapha kwelakini ngizokh’ imbali engiyobonayo
Ngicel’ uvume ukuba yisivande sami sothando

Yazi mntanomunt’ uma ngingathandwa nguwe sengingathokoz’ emoyeni
Nami ngike ngithol’ ukuthukwa umkhwekazi
Ake angibuz’ ukuthi ngikulobola nini
Phel’ umama akanaye umlingani
Ngicel’ umlinganise ngomama wakho
Ngifuna sibabusise ngezizukulwan’ ezinhle
Ntombazane bengicel’ ungiphe uthando