Ngyathatha ngyabeka
Ngyacosha ngyawisa
Ngyahleka ngyakhala
Siwa sivuka, sifuna wena
silwela wena.
Afile amaqhawe namaqhawekazi
Iphukile imikhonto nemikhontokazi
Kulwelwa wena nje qha
Kanti kuyoze kube nini?
Manje sekuhlwa kusemini
phela usufikile kodwa awusizi.
Kunalokho ubanga ihlupheko nosizi
Saze safa isizwe sakithi
Okubi ukuthi asiwaboni amaphutha
ngisho noma eskoleni bephutha.
Kanti ufunani kithi,
ngitshele, kanti kuyoze kube nini?
Ngoba uma ngikucabanga enhliziyo yami kuthi xhifi
Phela awusifezanga isithembiso
namanje asikhululekile
okunalokho sicindezelekile.
Phela abandawonye bahlukumezana bodwa
ngisho emgaqweni asisahambi sodwa.
Ngenxa yakho nkululeko.
Kanti vele liaondeni igama lakho?
Ngyabuza,siphi isidingo sakho?
Nkululeko ngicela usikhulule!