Ngizwa izwi
Ngizwa izwi
Ngizwa izwi limemeza, lixwayisa, liqhwashisa
Lithi ngomhla wokuphela kuyoba khona ukukhala nokugedla kwamazinyo
Ngithi ngizwa izwi
Lithi qaphela izenzo zakho zobumnyama
Uma ungaboni uzophelela ebumnyameni ukukhanya sekungasekho
Lalela ngithi ngizwa izwi