Nhliziyo yami kutheni na
Thando lwami ukephi na
Ngamthanda umuntu ngiqala nokubona
Ngaphelelwa amagama kungemagama
Amathathu alandelwa izinkulumo
Ntokazi enhle ndoni yamanzi
Abanjengawe bageza ngamanzi noma ngobisi
Hhayi angiqondi noma amafutha
Uthando lwami lukhula sengathi ukhula
Lude ludlula ngisho ubude
Laluhle ngobuhle kwanobuhle omuhle
Lakhanyisa indlu yakwaMalandela kwakhanya neyakwaNhlotsheni
Umuhle kuthi angigiye uma ngikubona
Inhliziyo yami iyangifonela
Uthando ekade ngalomela
Ngiyazi wena emshadweni uzongimela
Abakithi bazongikhulumela
Ngoba lo yilona ozongishanelela
Angisakubali ngisho ukungiphekela
Uthando luyakhula iminyaka iyahamba
Omama balinde usuku lokuwushaya
Awu suka nini madoda
Intombi phela leya uqobo lwayo inkosazana
Umaqhamuka kukhale amakhwela
Unobuhle intombi enhle nhle ngathi igeza ngamafutha
INhliziyo yami iqhubeka imphakele uthando
Nawe Sisanda alwande njalo
Sisanda othandweni njalo
Ngoba abazukulu nesizukulwane sisanda
Nalu uthando olwandayo lwaSisanda
USisanda wayikhipha intandane kumina
Wafaka uthando engemdali
Wawakha umuzi engemzali
Wabuthwala ubunzima engemfelokazi
Waphinda wasithwala isphambano engaphambene
Izindlela ziningi iyodwa engingena kuyo
Eya kothandiweyo wami uSisanda