Ngiyakhuza
Ngiyababaza
Ngithwele imikhono ekhanda
Kanti sekwaba nje kulomhlaba

Yimpica badala ke lena
Lapho intsha isiluvanzi
Isingakhuzeki
Lapho ithi mayikhuzwa ivele izibize ngo 2k iphinde ithi inamalungelo
Sekwale noma sekune culo kodwa kuyala
Sekwala Noma kuthiwa khuza Gogo kuvele kube yinhlanga zimuka nomoya

Hhayi cha nami ngiyesaba
Angazi ukuthi siyophelelaphi uma sisaba ukukhuzwa
Ngiyakwesaba okuzekwenzeka
Ake sikhuzeke bandla