Ngibonga nginconcoza kuwe Simakade.
Ngibonga kuphela amagama,
Ungikhiphile otakwini,
Ungesulile izinyembezi ebezilokhu zigobhoza njalo.

Umndeni wami ungefulathele,
Bangilahlela izandla babheka le,
Abangani baqhela bama laphaya,
Ngakhala ehlane kwangezwa muntu.
Kanti uzwile wena nkosi!

Ukuthula nokuphumula bengingakwazi,
Ngikuthole ngokuthatha indlela ende.
Eya ebuhleni kuwe nkosi uNyaz’ lwezulu.