Kaze ngonani. Ngenzeni kanti mina
Izono ezani, Umsamo wani njengoba
ulinde mina. Ngilaleleni mathonga ami
Ngiyezwa kuningi kuyeza kuyenyelela.
Anibeni noshwele kimi

Ngimncane futhi kuningi ekusamele
ngikwenze. Ngixoleleleni boShenge,
boMnyamane. Ngoneni kodwa mina.
Ubizo olwani kodwa nkosi yami

Idlozi lingidinga kuphi kanti mina
Ngiyavivinywa ngisehlane. Ngiyaniphuphutha
kepha anibonakali. Zivezeni phela nginibone
Ngizonazi kanjani uma ningifihlela umqhele
wobukhosi.

Izindlebe zami ziyankenkeza, ziphophoma
amazwi eningishiye nawo. Ngoneni kodwa
mina. Yini le engaka engayenza ukuthi
ngibe nobizo. Ubizo lwani ngimncane kangaka.

Yini ndaba ningenza impuphuthe. Nithi
genzenjani uma nginiphulula yize
ngingazi nokuthi ngiqale ngaphi
ukunizingela. Kodwa yini ningenza kanjena

Anizicacisi ngani pho. Sikuphi isidingo
sokuthi ningibize kodwa ningezwakali.
Eyami injabulo iyehla uma nivakasha ngephupho

Izinyembezi ziyehla yize ngingakhali.
Imicabango yami ijulile njengoba ngidingida
umyalezo eningishiya nawo. Ave nidida madlozi
ami. Nithi ngithini uma ngilokhu ngihlaziya
wonke amaphupho eningilethela wona.

Nkosi khanyisa umsamo wami, cacisa wonke
lamaphupho engiba nawo kusukela ngizalwa.
Kade ngakwazi ukuthi ngibiziwe futhi ngikhethiwe.
Kade ngangizwa amandla enu kimina yize
nganiziba iminyaka.

Mathonga ami ngikhanyiseleni lamaphupho.
BoMnandi ngamondi,ngivezeleni indlela
Khanyisani bo! Ave nginidinga boQhengelele
ngiboniseni ukukhanya kwezulu.

Ngiyathokoza boGogo noMkhulu
Ngivuleleni indlela ningangishiyi ngedwa
ebumnyane. Nginidinga kakhulu manje
ukudlula nakuqala. Ngiguqa kini.ngihlongoza
imimoya yenu. Kaze niyophendula nini zikhulu zami.