Sthandwa sami olwakho uthando lusakhona.
Inhiliziyo yami isabhakuza mihla yonke uma ngikubona
Ngisamoyizela njalo uma ngikucabanga
Akukho lutho olushintshile
Kepha ngilingekile othandweni
Sthandwa sami nawe usuyongixolela

Ufikile wazibika kumina ubhuti ongichazayo
Nawe wafika wazibika kumina wangichaza
Nobabili nginitholelile indawo engeke nayibanga
Enhlizweni yami emhlophe
Nobabili nginakhelile imfundumalo nothando
Enhlizweni yami emhlophe
Ngiyaxolisa kepha ngilingekile othandweni

Ngiyazi ngikuphoxile kepha ngicela
Uzifake ezicathulweni zami
Uhlulekile ukungipha lonke uthando lwakho
Uhlulekile ukunginika isikhathi sakho
Ngakho-ke ngithathe isinqumo sokuthola owesibili
Ozogcwalisa izikhala ozishiyile
Enhliziyweni yami emhlophe

Ungiphendulile wangenza umuntu engingasiye
Yebo ngiyavuma ungifundisile okuhle othandweni
Kepha awukunakanga okubi ongifundise khona
Ungiphilise kabi, ungizwisile ubuhlungu
Ungiphile injabulo kepha awusekho wedwa
Enhlizweni yami, yebo ngiyavuma nobabili nithandiwe
Ngiyaxolisa kepha ngilingekile othandweni