Ngamukhetha yena yedwa,
Ngoba ngabona impilo kuyena,
Ngabona umusa nothando lwakhe,
Ngisho uNkulunkulu,
Babe baningi oNkulunkulu kepha ngakhetha uJesu Kristu,
Ngamukhetha ngoba naye angazanke
ngishiye leskhathi ebethelwa esiphambanweni,
Wangifela nami ngingakamazi,
Wangifela nami nginezono,
Ngibonga uJesu Kristu,

Futhi ngikhethe yena ukuba abe ngumvikeli wempilo yami,
Ngoba ngiyazi ukuba yena akasoze ngavuka angilahlile,
Uthando lwakhe alupheli kepha luyanda zintsukuzonke,
Yena unginika amandla amasha,
Ngiyamubonga mina uJesu Kristu.

Ngamukhetha ngoba ngisazi ukuba nguye umvikeli wami,
Ngamukhetha ngoba engahlulwa ilutho,
Ngamukhetha ngoba wangifela ngingakaziwa nasemhlabeni,
Uy’simanga engim’khonzayo,
Ngimukhethile mina oyimpilo yami,
Ngisho umnikazi wakho konke okwami,
Yebo yena engavela kuye, ngimukhethile mina futhi angisoze ngamu lahla,
Uyangithanda ngiyamuthanda,
Ungowami ngingo wakhe,
Oh! Jesu,
Musa wami wena uyimpilo yami,
Ngikukhethile mina,
Ngoba nawe wangi khetha ukuba ngibe umntwana wakho,
Wangikhetha ngingelutho wangenza utho,
Ngiyabonga Jesu Kristu Nkosi yami eyangifelayo.