Nami owami umama mhla edlula emhlabeni ngangisemcane
Ngihlezi ngikhala
Bonke ubuhlungu buyabuya enhliziyweni kodwa angikaze ngilale ngingadlile
Ngiyazi ngiyisoni Nkulunkulu hlala nami
Ngicela uhlanze zonke izono zami
Kusho ukuthi ngiphilela ukufa
Noma kubuhlungu kodwa indoda ayikhali ngoba isebenzela ithuna

Ngoba ngakwazi ukuphila ngaphandle kukababa
Into engithokozisayo ukuthi umama wayengithanda
Kodwa baba angisoze ngakubambela igqubu
Ngoba mhlawumbe ngiyobusiswa nguwe

Ngakhuliswa ugogo babengekho abazali
Kwakungekho lula kodwa impilo ingiphile ithuba
Ngizosola bani ngokuthi impilo yami angiyithandi?
Ngazi kahle kamhlophe impilo ayisoze yangakhela amaqhinga
Imina okumele ngizakhele amaqhinga

Ngiyazi ukubheka emuva akuyisani phambili
Nenhliziyo enamagqubu enemicabango engcolile
Noma uthandaza uSomandla akalaleli
Ingakho ngikuxolela baba