Lapho nqiqhamuka khona
Nqiqhamuka endaweni lapho izingane zinqatshelwa ukuphuma ngaphandle kwesango
Abazali besaba ukubhubha komhlaba
Angithi ubugebengu sesiphila nabo!
Abazali besaba ukunganaki kwethu
Siphuma idili lamkhipheni, inhlala yenzeka
Cha, bo! Akusesilo ihlazo Angithi ngiyasho ukuthi, sekuphenduke i-fashion
Endaweni lapho igama elithi ukubophezela lingenayo indawo
Ezinhliziyweni zentsha eningi
Angithi phela incwadi engcwele ilobiwe yathi
Nawe owenza isono…uyakuxolelwa
Incwadi engcwele ilotshiwe yathi zonke izinto ziyakwenzeka ngomthandazo.

Endaweni Lapho intsha sizibophezele ngokomhlaba,
Kungekhona ukumitha nje kuphela
Ngiqhamuka e-Newland East