Lalela mntakababa kulo mhlaba ziningi izinto ezisenza singaphumeleli
Kulo mhlaba kuningi okusenza sigcine silahle amathemba ngesikwenzayo
Nakimi akukaze kube lula, akukaze kushelele okwegobolongo lomnenke
Kwakunzima, kunamatshe kunameva kuhlaba, kepha ngafunda ukubekezela
Ngafunda ukuthi ngolunye usuku ngoba yilokhu engifuna ukuba yikho
Yebo kulomhlaba abantu angeke babe nendaba nawe
Kulo mhlaba abantu bazinaka bona
Ngisho ukhala ezimathonsi udinga usizo lwabo, bayozibhekela le kude
Kepha mina kulokho ngafunda kakhulu
Ngabheka isimo engiphuma kuso ngathi ngizoshintsha lokhu ngelinye ilanga