Lalela mntakababa kulo mhlaba ziningi izinto ezisenza singaphumeleli

Kulo mhlaba kuningi okusenza sigcine silahle amathemba ngesikwenzayo

Nakimi akukaze kube lula, akukaze kushelele okwegobolongo lomnenke

Kwakunzima, kunamatshe kunameva kuhlaba, kepha ngafunda ukubekezela

Ngafunda ukuthi ngolunye usuku ngoba yilokhu engifuna ukuba yikho

Yebo kulomhlaba abantu angeke babe nendaba nawe

Kulo mhlaba abantu bazinaka bona

Ngisho ukhala ezimathonsi udinga usizo lwabo, bayozibhekela le kude

Kepha mina kulokho ngafunda kakhulu

Ngabheka isimo engiphuma kuso ngathi ngizoshintsha lokhu ngelinye ilanga