Ukuzalwa ukuza emhlabeni
Mawufika emhlabeni ukujabula koyahlokoma
Amathemba nezifiso ziyafezeka
Umhlaba uyahlaba ngodosi lwawo
Umhlaba unezilingo nezinengiso
Umhlaba unezimiso zezimiso
Umhlaba uyahlaba njenge nhlaba
Umhlana unezilingo ngokulingwa kwezilingo nezinengiso
Zezimiso zokumiswa kwezimiso nezimiso
Umhlaba uyahlaba
Udosi luyahlaba
Mzali uliqhawe ngokufezekisa icebo
Izifiso zomzali nezifiso zozaliweyo
Umzali ngokunakekela okuzaliweyo
Okuzaliweyo kungokudaliweyo
Igazi lilodwa alisho ubuzali ukwenza kuyazimela
Noma igazi akulona
Izenzo ziyizona
Uthando luyilona
Uthando yilona umzali ozala izenzo
Izenzo ziwubufakazi obufakazisa ubuzali ngezenzo
Izenzo zokuthandana
Mzali uyisubiso mzali uyakhala
Uthixo aphendule, Izibusiso ngesibusiso nezibusiso ziyakulandela
Ingane iyisibusiso obulele useqalekisiwe nakho kuyomlandela
Owesifazane ohlakaniphile uyawakha umuzi ngezakhe izandla
Oyisiwula uyawakha, abuye awudibhize ngezakhe izandla
Mzali uwumakhi
Uwakhile umndeni ngokuhlakanipha siyohlezi siziqhenya
Uhlakaniphile siyofunda kuwe njalo