Ibhayibheli lithi, “Ukuqala kokuhlakanipha ukumesaba uJehova,”Kodwa mina ngithi, “Ukuqala kokuhlakanipha ukuthanda nokuhlonipha umzali wakho,”
Angiliphikisi Ibhayibheli kodwa kungendlela esengibone ngayo.

Ngikholelwa ekutheni uJehova usinike abazali kuthi bazoba oNkulunkulu bethu basemhlabeni. Engikushoyo ukuthi ngeke uthi uyamesaba uSimakade kodwa ungamazisi umzali wakho. Umhlonipha kanjani uSimakade ungakaze wambona, uhluleke ukuhlonipha umuntu ohlala naye nsuku zonke, okwazi ukubona ngamehlo enyama.

Abazali yibona ababethe okhiya bemphumelelo yethu.
Abazali bewe bevuka nathi.
Abazali yibona bantu abangasilahleli thawula.

Ibhayibheli liphinde lithi, “Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni,” ngamanye amazwi Ibhayibheli lithi impilo yethu isezandleni zabazali bethu

Umzali akubona kuphela laba abakubeletha, kodwa yiwo wonke ubaba nomama ohlangana naye emagumini amane womhlaba.