Ngibhala lenkondlo ngesiZulu.
Isingisi angisazi ngyathemba uyazi,
phela mina uNomfundo angimazi ukuthi wangincishelani impilo emnandi
nami angazi
wakhetha ukungishiya nesililo,
manj’eyami impilo angiyazi,
elami ikusasa angilazi.

Wavele wangishiya nomama.
Wangishiya ngiyingane encane
ngisancela ngisho incence.
Iqiniso livele liphume libaba,
wena nje awuzange ube ubaba.
Lesosenzo sabashiya bebabaza
Hawu! Isihluku owasenza,
washiya umama ezabalaza
ezabalazela eyami impilo.
Wena ube uphila buthebelele

Inkosi ize ikusize ikuthethelele.
Nakhu okumele ukwazi
lokho owakwenzayo ngikuphupha noma ngilele
Impela kunzima ukuthi ngikudedele
kuthi mangikubona ngikudelele
ngoba angikwazi futhi ngikujikele.
Baba ngaze ngahlupheka ukhona
Kungani uzenza saSpoki
Phela ukhona kodwa awukho
Impela ubulungiswa nobuntu abukho
Mzali engingabanga naye.