Mhlaba ngakwenazi
Mhlaba ungihlabile
Mhlaba ungihlulile
Mhlaba ungivivinyile

Umcamelo suwahlezi umanzi izinyembezi zigobhoza mihla namalanga
Uma ngicabanga ukuthi yimi ngempela lo osewaba nje
Sengahlezi ngigijimisa izinkambi zikaFaro ngilala emajoyitini
Angisaphuzi sengithela umuthi enkomeni
Sengaphenduka isibotho sendawo
Ontanga bami sengabakhomba ngekhanda uma bedlula
Angisayiphathi uma bedlula ngamaSonto beyodumisa uJehova
Mina ngincike ngezidonga emajoyitini zivele zigobhoze izinyembezi

Mhlaba ungihlabile
Mhlaba ungihlulile
Mhlaba ungivivinyile

Shuthi kahle kahle mina ngafika kulomhlaba ngingafumbethe!?
Shuthi kahle kahle mina ngafika kulomhlaba ngilengise izandla!
Shuthi kahle kahle mina ngafika kulomhlaba ngithwele amabhadi!
Sengiwumgodi onganukwa ngisho inja
Nami nganginawo amaphupho ngempilo yami
Kodwa ashabalala okwamazolo ebona ilanga
Nami ngangifisa ukufana njengo sisi Dudu Khoza woKhozi FM
Nami ngangifisa ukududuza abantu
Nami ngangifisa ukukhonza uJehova
Kazi Jehova Nkulunkulu uyongixolela yini njengoba sengadlala ngethempeli lakho kanje
Abafana sebangiphendula ibhola likanobhutshuzwayo
Angisayiphathi eyokuhushula isisu ngikhiphe umphefumulo ongenacala
Leso sono ngisazi njengoba ngizazi
Kazi intethelelo ngoyithola yini

Mhlaba ungihlabile
Mhlaba ungihlulile
Mhlaba ungivivinyile