Ngivukile namuhla
Ngathi angivuse umzimba wami
Kwaba zinhlanga zimuka nomoya
Ngazithinta umzimba wonke lutho ukuvuka
Ngiqanda okweqhwa entwasahlobo
Ngibona odadewethu bayakhala ngiyababuza
Sekwenzenjani? Nikhalelani?
Lutho impendulo abangizwa

Ngibona umfowethu uyangimbathisa
Mhlawumbe bayabona ukuthi ngiyagodola
Hhayi bo Samkelo musa ukungithinta amehlo
Kungani ungimboza ngengubo?
Sekucacile manje
Umphefumulo kimina ophilayo
Usuku lulotshiwe emabhukwini amakhulu ezulwini
Umzimba usuthule du
Ngiphatheke kabi
Ngiyishiya kanjani indodakazi yami u-Amahle
Ngimshiya kanjani umama nawo wonke umthwalo wami

Ngaze ngaphatheka kabi
Sekudlule izinsuku phela
Umzimba wami uyangcwatshwa namhlanje
Kodwa engingakwenza ukubukela
Ngeke ngibhake ngisho okungamekhekhe
Ngeke ngisize abomndeni ezimbizeni

Sengiyohlala esitulweni esontweni ngilalele
Ngilalele umlando kamufi
Ngibone ukuthi bayangazi yini
Ngibone abozofika bakhalise nalabo abayofikela ukudla nje
Phela ngiyazithandela okumnandi
Kanti nogogo ubengazi
Uqinisekisile ukuthi kunenyama yenkomo
Ethuneni ungibekele izimbambo zenkomo zase-Spur
Angilithandi itiye vele, makabeke i-Bar One Smoothie

Makangimbathise izimpahla zami zasekhaya
Angikufuni okukanokusho
Phela ngisathanda ukudlala emvuleni
Mngani wami Pfarelo
Ngixolele sthandwa sami
Batshele ngami nangathi nezikhathi zethu esikoleni

Nizongixolela angibafuni abakubo kababa
Wasishiya ubaba baphuca umama umuzi wakhe
Bavumela ngilale emgwaqeni
Ngiyazi umama akanankinga nabo
Kulungile angavumela u-anti Mary nabazala bami kuphela
Ngimbathiseni ngengubo yami yokuqala engazithengela yona
Nibongibekela incwadi yokufunda ka-Ayanda Makholwa
Nencwadi yokubhala nepeni
Niyobe seniqedile konke

Sengiyanivalelisa manje
Gogo ngiyakuthanda
Mama uyikho konke
Amahle ngane kadadewethu ngiyohlezi ngikuthanda njengowami
Bangani bami ningakhali
Ngingathanda nihlale nihleka njengoba besenza njalo esikoleni
Sthandwa somphefumulo wami Kelebogile
Ngebhadi asikaze sibonane
Kodwa wathi ‘I’ll love you even if your heart stops beating’
Sesizobonana kwelizayo
Nonke nginithanda njengo Luyanda Potwana
Nginithanda Nyan Nyan